TEKST PIOSENKI YEKI NHLANHLA YOKWAZANAW WYKONANIU JOYOUS CELEBRATION
Yek' inhlanhla yokwazana
Nokukholwa, kholwa kuy' uJesu
Siyazingelwa kodwa asidelwa
Siwiswa phansi kodwa asibhujiswa
Sithwele njalo njalo emzimbeni wethu
Ukufa, kufa kukaJesu
Jesu (Yebo) ukufa kukaJesu
()
Asingabheki okubonwayo
Kodwa sibheke okungabonwayo
Okubonwayo okwesikhashana
Kodw' okungabonwa kungoba phakade
'Kade (bona) kungoba phakade
()
Thina sizelwe ngokukaKristu
Siyizidalwa, 'dalwa ezisha
Okwakudala sekudlulile
Hmmm bhekani sekuvela okusha
Kodwa (Se) sekuvela okusha
Bheka sekuvel' igolide
()
Singamanxusa kakristu
Ngathi uThix' uyanxusa
Siyanxusa, vuyiselani naye
Yek' inhlanhla yokwazana nomhlobo wami
Usithandile, usithengile
Wayehlatshwa njengemvana
Azangenz' owakh' umntwana
Yek' inhlanhla yokwazana nomhlobo wami
//= $file_data['id'] ?>//= $file_data['id'] ?>
NAJNOWSZE ALBUMY JOYOUS CELEBRATION (37)
- Pokaż wszystkie